Kwaziswa umphakathi ukuthi umongameli usewuvumile lomthetho olandelayo okunjengamanje usushicilelwe ukuba kwaziswe umphakathi wonkana ngawo:...
Umthetho wokwemukeleka kwemishado yesiko ongunombolo--120 we-1998.
Amagama adwetshelwe ngomugqa ogqamile achaza izichibiyelo emthethweni ekhona.
Umbhalo wesiNgisi usayindwe ngumongameli.
Ukubhekelwa ukwemukeleka kwemishado yamasiko; Ukucacisa izidingo zomshado wesiko ophilayo; ukusingatha ukubhaliswa kwemishado yamasiko; ukubhudekela ukulingana kwesithunzi namandla amakhosikazi emishado yaloluhlobo; ukusingatha ukuqedwa kwemishado yamasiko; ukubhekela ukushaywa kwemithetho; ukuhoxisa izigaba zemithetho ethile; kanye nokubhekela izindaba eziphathelene nalokhu.
Kulo mthetho ngaphandle uma umqondo wokubhaliwe wehlukile...
umshado wesiko kusho umshado owenziwe ngendlela yomthetho wamasiko.
ilobolo kusho impahla noma imali engukheshe eyaziwa ngelobolo, nanoma yingaliphi elinye igama laphoumkhwenyana noma inhloko yomndeni ihlela khona ukunikeza umndeni wengoduso ngokulandela izinhlelo zomshado wesiko.
isikhulu sokubhalisa kusho noma yimuphi umuntu oqashwe nguNgqongqosheukubhalisa ngkwezinhloso zalomthetho nanoma yisiphi isikhulu esisebenza ngokuyalelwa nguNGqongqoshe.
Umshado wamasiko okungenwe kuwo emva kokuqala ukusebenza kwalo mthetho ohambisana nezidingo zalomthetho, wemukelwa njengomshado kuzozonke izinhloso.
Uma umuntu engumshadikazi emishadweni yesiko engaphezu kowodwa, yonke imishado angene kuyo ngaphambi kokuqala ukusebenza kwalomthetho, futhi ehambisana nezidingozalomthetho, iyemukelwa njengemishado kuzo zonke izinhloso.
Uma muntu engumshadikazi emishadweni yamasiko engaphezu kowodwa, yonke leyo mishado okungenwe kuyo ngaphambi kokuqala ukusebenza kwalomthetho, nehambisana nezinkambiso zalomthetho, iyemukelwa njengamishado kuzo zonke izinhloso.
Ukuze umshado wesiko okungenwe kuwo ngaphambi kokuqala ukusebenza kwalo mthetho, uthathwe njengophilayo...
Kunjengoba kuchazwe esigabeni-10I. Akukho mlingani wasemshadweni wesiko, oyokwazi ukungena emshadweni ngaphansi komthetho wemishado ongunombolo- -25 we-1961, ngesikhathi kusasebenza lowo mshado wesiko.
a Uma omunye wabangena emshadweni esemncane kakhulu ngokweminyaka yobudala, bobabili abazali bakhe noma engenabo abazali, umbheki wakhe osemthethweni kufanele awuvume lomshado.
bUma ingenakutholakala imvume yabazali noma umbheki, kuyosebenza isigaba-25 somthetho wemishado we-1961 2 5.
Naphezu kwesigaba- (a) uNgqongqoshe noma yisiphi isikhulu esisemsebenzini kaHulumeni esigunyazwe nguye singamnikeza imvume ehalwe phansi umuntu oneminyaka engaphansi kweshumi nesishiyagalombili yobudala ukuba angene emshadweni wesiko uma uNgqongqoshe noma leso sikhulu esigunyaziwe sibona ukuthi udingekile kulabo bantu 30 abathintekile kuwo.
d ukuthi umshado lowo udingekile, futhi ethola nokuthi konke okunye okumayelana nalo mshado bekuhanjiswe ngenkambiso yalo mthetho, awushicilele ngokusemthethweni njengomshado wesiko.
Ngokulandela isigatshana- , isigaba- 24 somthetho wemishado we-1961, usetshenziswa enshadweni wesiko walowo muntu oneminyaka engaphansi kweyishumi nesishiyagalombili ubudala, ongene kuwo ngaphandle kwemvume yabazali nom umbheki, ukhomishana 35 wenhlalakahle yezingane noma ijaji.
Ukuvinjelwa komshado wesiko phakathi kwabantu ngenxa yokuhlobana kwabo ngokwegazi kulawulwa ngumthetho wamasiko.
Ukubhaliswa kwemishado yesiko.
Abangena emshadweni wesiko banomsebenzi wokuthi bawubhalise umshado wabo.
Noma yimuphi phakathi kwabashadikazi angasifaka isicelo kumbhalisi efomini elisemthethweni lokubhalisela umshado wakhe wesiko futhi kufanele abikeze umbhalisi ulwazi oludingekayo kanye nalo lonke ulwazi olwengeziwe olungadingwa ngmbhalisi ukuze azenelise mayelana nokushicilelwa komshado ube ngosemthethweni.
a okungenwe kuwo ngaphambi kokuba kuqale lomthetho ukusebenza, nongabhalisiwe ngokulandisa kwanoma yimuphi omunye umthetho, kufanele ubhaliswe esikhathini esiyizinyanga eziyishumi nambili emva kwalokho kuqala ukusebenza, noma esikhathini eside kunalokho njengalokhu uNgqongqoshe angase alawule ngokuhamba kwesikhathi ngesaziso kusomqulu kaHulumeni.
(a)Umbhalisi uma esenelisiwe wukuthi abashadikazi basebenzise inkambiso esemthethweni emshadweni wabo wesiko, makabhalise umshado ngokuqopha phansi inombolo yomazisi babashadikazi, usuku abashade ngalo, ilobolo okuvunyelwane ngalo neminye imininingwane esemthethweni.
bIsikhulu esibhalisayo kufanele sinikeze abashadikazi isitifiketi sokubhalisa eskhombisa 10 imininingwane esemthethweni.
(a)Uma umshado wesiko ungabhaliswanga ngenxa yesizathu esithile, noma yimuphi umuntu owenelisa isikhulu esibhalisayo ukuthi ufanele alungene loludaba, angafaka isicelo esikhulwini esibhalisayo ngendlela esemthethweni ukuze kuphenywe mayelana nobukhona bomshado.
b Uma umbhalisi esenelisiwe wukuthi ukhona noma wawukhona lomshado wesiko phakathi kwalabo bashadikazi, kufanele awubhalise lowo mshado akhiphe nesitifiketi sokubhalisa njengalokhu kuchazwe esigatshaneni-4.
Uma umbhalisi engenilisiwe wukuthi labo bashadikazi bangena emshadweni wesiko 20 ophilayo, kufanele enqabe ukubhalisa lowo mshado.
Inkantolo kungathi uma ithola isicelo esithunyelwe kuyo nangemuva kokuphenya, ilawule ukuba...
a kubhaliswe noma yimuphi umshado wesiko; noma b kuhoxiswe noma kulungiswe noma yikuphi ukubhaliswa komshado wesiko okwenziwa ngumbhalisi.
Isitifiketi sokubhalisela umshado wesiko esikhishwe ngaphansi kwalesi sigaba nanoma yimuphi omunye umthetho, olawula ukubhaliswa kwemishado yesiko, singubufakazi obugcwele sobukhona bomshado wesiko kanye nemininingwane equkethwe kulesi sitifiketi.
Ukwehluleka ukubhalisela umshado wesiko akuwuthinti ukuphila nokuba semthethweni 30 walo mshado.
Isikhulu esibhalisayo singemukela isitifiketi salowo muntu okuthiwa usemncane kakhulu ngokweminyaka kanye nomazisi wakhe, isitatimende esifungelwe somzali noma isihlobo sakhe nanoma yibuphi obunye ubufakazi umbhalisi angabucela njengobufakazi beminyaka yobudala balowo muntu.
Uma iminyaka yalowo muntu okuthiwa mncane kakhulu, ingaqondakali noma bune mpikiswano, noma ubudala balowo muntu buhambisana nezinhloso zalomthetho, umbhalisi angathumela lolu daba enkantolo kaMantshi eyasungulwa ngokulandela umthetho wezinkantolo zeziMantshi ongunombolo-- 32 ka 1944, okufanele ihlonze iminyaka yobudala yalowo muntu bese ikhipha isitifiketi esimayelana nalokhu okuyisona siyoba ngubufakazi beminyaka yobudala balowo muntu.
Maqondana nokulingana emshadweni wesiko, kuye ngokuthi zimi kanjani izinhlelo ngokwempahla kulowo mshado, unkosikazi unesithunzi namalungelo alinganayo nowomyeni wakhe kubandakanya nokwamukela kanye nokuchitha impahla, ukungena ezivumelwaneni kanye nakunoma yiomaphi 45 amalungelo akhona emshadweni wesiko.
Imiphumela yezivumelwano mayelana nempahla yabashadikazi bomshado wamasiko, abangena kuzo ngaphambi kokuba kuqale ukusebenza lomthetho, iyaqhubeka nokusingathwa ngumthetho wamasiko.
Umshado wamasiko okwangenwa kuwo emva kuqala ukusebenza kwalo mthetho, lapho umlingani engabambe liqhaza komunye wemishado yamasiko ekhona, ungumshado ohlanganisa amafa nonenzuzo kanye nokulahlekelwa phakathi kwabalingani, ngaphandle kokuba leyo miphumela 55 ingabandakanyiwe ngabalingani esivumelaneni somshado esisingethe uhlelo lobunikazi bempahla yomshado wabo.
Abalingani bomshado wesiko abangena kuwo ngaphambi kokuba kuqale ukusebenza lomthetho, bangafaka isicelo ngokuhlanganyela ukuba bathole imvume yokuguqula uhlelo lwamalungelo 5 empahla asebenza emshadweni wabo noma emishadweni yabo futhi nenkantolo, uma yenelisekile wukuthi...
iiisaziso esenelisayo esibhalwe phansi mayelana noguquko lolo sinikeziwe bonke abakweletwa ngabalingani emananini angaphezu kwamakhulu amahlanu amarandi noma yiliphi inani elingabalulwa nguNgqongqoshe wezobulungiswa ngesaziso kusomqulu kaHulumeni.
Akukho muntu omunye oyohlukumezeka mayelana naloluguquko oluhlongozwayo, bese kulawulwa ukuthi uhlelo lobunikazi bempahla obelusebenza kulowomshado noma imishado aluseyukusebenza bese kugunyazwa abalingani bemishado yaloluhloboukuba bangene esivumelwaneni esibhalwe phansi esiyosetshenziswa ekulawuleni uhlelo lobunikazi 15 bempahla yabo emishadweni noma emshadweni wabo ngokulandisa kwenkantolo.
bUma umkhwenyana engumlingani emishadweni yesiko engaphezu kowodwa, bonke abantu abathintekile kuloludaba , ikakhulukazi abalingani noma umlingani walowo ofake isicelo, kufanele babandakanywe ohlelweni.
Isigaba samashumi amabili nanye somthetho omayelana nempahla emshadweni, ongunombolo- 88 ka 1984, siyasebenza emshadweni wesiko obekhona emva kokuqala ukusebenza kwalomthetho, lapho umkhwenyaana engabi nabo abalingani abangaphezu koyedwa.
Umkhwenyana wasemshadweni wesiko ofisa komunye umshado wesiko nomunye wesimame emva kokuqala ukusebenza kwalomthetho, kufanele afake isicelo enkantolo sokugunyaza isivumelwano esibhalwe phansi esiyosetshenziswa uhlelo lwangomuso lokulawulwa kwempahla yomishado yakhe.
Uma kucutshungulwa isicelo ngokulandisa kwesigatshana esingunombolo 6...
a inkantolo kufanele...
Ukuqiniseka ukuthi kunokwabiowa kwempahla okulinganayo futhi iii kucutshungulwe konke okuphathelene nalokhu emndenini okuyothinteka uma uma lesisicelo siphumelela.
ivumela ezinye izichibiyelo kulokho okukhulunywa ngakho esivumelwaneni.
lawula ngokulandela isimo ebona ukuthi sifanele noma iii sichithe isicelo uma ibona ukuthi omunye wabalingani akazukubhekeleka ngendlela efanele ngenxa yesivumelwano esihlongozwayo.
Bonke abantu abathintekile odabeni, ikakhulukazi abalingani noma umlingani noma umlingani wangomuso balowo ofaka isicelo, kufanele babandakanye kuloluhlelo ngokulandisa kwesigatshana esingunombolo6.
Uma inkantolo ivuma isicelo okukhulunywa ngaso esigatshaneni -4 ne- 6, 45 umbhalisi noma umabhalane wenkantolo, kufanele anikeze lowo nalowo mlingani umyalelo wenkantolo kanye nekhophi eligunyaziwe laleso sivumelwano futhi alawule ukuba lowo myalelo kanye nekhophi laleso sivumelwano ukuba kuthunyelwe kulowo nalowo mbhalisi wamafa ezindawo lapho kukhona khona leyo nkantolo.
Ukuhlakaza kwemishado yesiko.
Umshado wesiko ungahlakazwa yinkantolo kuphela ngokukhipha incwadi yesahlukaniso ngaphansi kwesisekelo sokuthi umshado lowo ungeke usaciciyeleka.
Inkantolo ingakhipha incwadi yesehlukaniso emshadweni ongeke usacviciyeleka , uma yeneliswa wukuthi ubudlelwano phakathi kwabashadile sebufike eqophelweni lapho ungeke usavuseleleka khona kubuyele isimo sobudlelwano babalingani ngendlela 55 efanelekile.
Umthetho wokuqulwa amacala ezahlukaniso athile, ongunombolo- 24 we-1987 kanye nesigaba- 6 somthetho wezahlukaniso ongnombolo- 70 we-1979, yiwona osebenzayo ekuhlakazweni komshado wesiko.
Inkantolo ekhipha incwadi yesehlukaniso emshadweni wesiko...
aInamandla achazwe ezigabeni -7, 8, 9 ne- 10 womthetho wamacala ezehlukaniso we- 5 1979 kanye nesigaba- 241 somthetho wempahla yasemshadweni ongunombolo- 88 we- 1984.
c Ikhiphe umyalelo wokuthi noma yimuphi umuntu ngokubona kwenkantolo othintekile kulolu daba abandakanywe ezinhlelweni.
e Ithi uma ikhipha umyalelo wokukhokha kwesondlo, icubungule ukubhekeleka noma ukuhleleka okwenziwe ngokulandela umthetho wamasiko.
kukho lutho kulesi sigaba olungenziwa lunciphise iqhaza elemukelekile emthethweni wamasiko , lanoma yimuphi umuntu, kubandakanya nomholi wendabuko ekusingathweni kwecala ngokulandela umthetho wamasiko, kwanoma yiyiphi imikiswano noma udaba oluqhamuke ngaphambi kokuhlakazwa yinkantolo komshado wesiko.
Naphezu kwemithetho yomthetho wamasiko, iminyaka yobudala yeningi lanoma yibaphi abantu, kulawulwa ngokulandela umthetho weminyaka yobudala yeningi ongunombolo- 57 we- 1972.
Owesilisa kanye nowesimame abafisa ukushada bangasenza isivumelwano somshado phakathi kwabo ngaphansi komthetho wemishado ongunombolo- 25 we- 1961, uma engekho phakathi kwabo ongumlingani emshadweni wesiko nomunye umuntu.
Uma kungenwa emshadweni njengalokhu kuchazwe esigatshaneni- 1,umshado 30 uhlanganisa amafa futhi ube nenzuzo kanye nokulahlekelwa ngaphandle kokuba leyo mininingwane yaloluhlobo kuchaziwe ukuthi ayibandakanyiwe esivumelwaneni esilawula impahla yabalingani emshadweni wabo.
Isahluko III kanye nezigaba- 18,19,20 kanye nama- 24 wesahluko IV somthetho wempahla yasemshadweni ongunombolo- 88 we- 1984, yikhona okusebenzayo 35 mayelana nanoma yimuphi umshado osohlelweni lokuhlanganiswa kwamafanjengalokhu kuchazwe esigatshaneni2.
Naphezu kwesigatshana -1, akukho mlingani emshadweni okungenwe kuwo ngokulandela umthetho wemishado we- 1961, okuyothi usasebenza lowomshado yena angene komunye umshado.
Ungqongqoshe wezobulungiswa, ngokubonisana noNgqongqoshe, angashaya imithetho...
ngokwenelisayo umshado wesiko noma ezokuphatha ezenele mayelana naomthetho nokuthi bnokuklanywa kwezimali ezikhokhwa uma kubhaliswa umshado wesiko anye nokukhishwa kwanoma yisiphi isitifiketi esimayelana nalokhu.
Noma yimuphi umthetho owenziwe ngaphansi kwesigatshana-1 kufanele uthunyelwe 10 ePhalamende ngaphambi kokuba ushicilelwe kusomqulu kaHulumeni.
Noma yimuphi umthetho oshaywe gaphansi kwesigatshana1 ongaholela ekusetshenzisweni kwemali yeMbuso noma imithetho eyenziwe ngaphansi kwesigatshana- 1b kufanele yenziwe ngokubonisana noNgqongqoshe wezezimali.
Noma yimuphi umthetho owenziwe ngaphansi kwesigatshana -1 ongalawula ukuthi 15 noma yimuphi umuntu owephula umyalelonoma owehlulekayo ukwenza njengokulandisa kwaleso sigatshana, abe necala kuthi uma limlahla akhokhe inhlawulo noma agqunywe ejele isikhathi esingengaphezu konyaka.
wokwemukelwa kwemishado yesiko we- 1998 njengalokhu kungase kwenzeke lapho impahla, ukuqasha noma ibhondi inganikezwa abalingani bobabili ezingxenyeni ezingehlukanisiwe.
Imithetho ebalulwe kusheduli iyachithwa ngokulandisa kohla lwesithathu kusheduli.
Lomthetho ubizwa ngokuthi Wukwemukelwa kwemishado yesiko we- 1998 kanti 5 0 uqala ukusebenza ngosuku olulawulwe ngumongameli wezwe ngokuwumemezela kusomqulu kaHulumeni.
